>  Books  >   School  >   School Textbooks & Study Guides  >  Kwafa gula linamasi CAPS : Grade 9
Kwafa gula linamasi CAPS : Grade 9


Kwafa gula linamasi CAPS : Grade 9

1 Offer from:   R 115.00

Brand: Unbranded
Model: PLID36033961
Last Updated: 2020-06-06

Product Information

Leli bhungu ngu-Obi Okonkwo, oyisisebenzi esinesikhundla esiphezulu laphaya emahhovisi ezeNhlalakahle edolobheni. Ubekwe icala lokwamukela umgwaziso, imali yokuthengwa. "Impela angizwisisi ukuthi yini lena ekwenze wamukela umgwaziso." Wawasho qede la mazwi wahwaqabala umntanomlungu. Leli bhungu ngu-Obi Okonkwo, oyisisebenzi esinesikhundla esiphezulu laphaya emahhovisi ezeNhlalakahle edolobheni. Ubekwe icala lokwamukela umgwaziso, imali yokuthengwa. "Impela angizwisisi ukuthi yini lena ekwenze wamukela umgwaziso." Wawasho qede la mazwi wahwaqabala umntanomlungu. "Uyisifundiswa. Futhi unenhlanhla yokuthi imfundo yakho uyizuze usemncane, ikusasa lakho libonakala liqhakazile." Kube sengathi la mazwi ayisiswebhu enyameni ka-Obi. Zikhophoze okwempophoma izinyembezi kumnta ka Okonkwo. Amazwi ekusasa eliqhakazile wona ahlaba ephukela, nakhu usekubona kufiphala lokhu kuqhakaza. Okubuye kuyizwise ubuhlungu isibili le nsizwa ukuthi isifelwe izwe. Wonke amabhilidi ewakhile awohloka ubuthaphuthaphu ibhekile nje. Unina ibimkhonze kunazo zonke izinto, usedlulile emhlabeni. Kanti ngakwelinye icala isithandwa sayo uClara ushaye wachitha, alikho nelincane ithemba lokuphinde imbone. Baze bamfulathela abakubo abangasekho u-Obi. Liyifele ngempela izwe indodana ka-Okonkwo.



EAN: 9780796249616
Load Time: 0 seconds