>  Books  >   Children & Young Adult  >   Childrens Books  >  You Can Dance
You Can Dance


You Can Dance

1 Offer from:   R 52.00

Brand: Unbranded
Model: PLID35947043
Last Updated: 2020-06-06

1 Offer For You Can Dance
R ?  
Stock Unknown
Takealot
View Offer >

Product Information

Baqinisile abadala uma bethi zibanjwa zisemaphuphu. Le ndaba ibhalelwe intsha esafunda isikole, ibhalwe ngolimi olusezingeni eliphezulu futhi iheha ngangokuthi ngeke uyibeke phansi uma usuke wayithatha wayifunda. Baqinisile abadala uma bethi zibanjwa zisemaphuphu. Le ndaba ibhalelwe intsha esafunda isikole, ibhalwe ngolimi olusezingeni eliphezulu futhi iheha ngangokuthi ngeke uyibeke phansi uma usuke wayithatha wayifunda. Kusa kusa. Kule ndaba sethulelwa intombazane esencane enguNomusa edabuka esabelweni nezithola isiyofunda esikoleni samabanga aphakeme edolobheni. Ngabe kwenzekani uma e ka esikoleni esisha esisedolobheni? Ngabe uyaguquka yini uma e ka kulesi sikole? Ngabe uyashesha ukwejwayela? Ngabangani abanjani ahlangana nabo? Indaba iyenzeka ngenkathi kunemidlalo eyahlukene lapho abafundi bekhombisa amakhono abo kwezemidlalo. UNomusa simthola ehlangana nomfana ocula umculo kamasikandi ofunda khona lapho kuleso sikole. Ngabe ukuthatheka kwakhe yilo mculi osafufusa kumlethela ziphi izinkinga? Bagcina beluhlobo luni lwabangani laba ababili? Ngabe bagcina bengabangani nje noma bagcina sebedlala ngegeja kuziliwe? Othisha, umphakathi kanye nabanye babafundi bayibheka ngaliphi iso le ndaba? Ngabe bathola miphi imiphumela ngalokhu kujaha kwabo izinto ezindala kunabo? Zonke izimpendulo zale mibuzo ungazitholela ngokuthi uzifundele wena mathupha le ncwadi!



EAN: 9780521746847
Load Time: 0 seconds